Ukutholakala kolwazi olukuMbuso kungukhiye wokuthi umphakathi ukhethe ngokuqonda, okuyikona okuletha uHulumeni oziphendulelayo futhi ogculisayo. UMnyango wezaBasebenzi, ngokuthobela isigaba -14 soMthetho wokuTholakala koLwazi, we-2000 (UMthetho 2 we-200) ("UMthetho"), sowenze lelibhuku elichazayo ukuze kusizakale amalungu omphakathi athintekayo ukuthi akwazi ukuthola ngokunomqondo ulwazi olukuMnyango okungenzeka aludinge.
UMnyango wezaBasebenzi uholwa nguNgqongqoshe wezaBasebenzi okhethwa nguMongameli ngokwesigaba-912 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, we-1996 UMthetho -108 we-1996 Umthethosisekelo.
Jikelele, okhethwa nguMongameli ngokwesigaba -12 soMthetho weZinsizakalo zoMphakathi, we-1994 kanye noMthethosisekelo.
UMqondisi Jikelele uba namasekela amane amelekelelayo alawula uhlelo loMthethomgomo wezabasebenzi kanye noLwemakethe yaBasebenzi, uKuhanjiswa kweZinsizakalo, iZinsizakalo eZihlangene kanye noKuqashwa nokuThuthukiswa koBungoti ngokulandelana.
Jikelele nguyena uMphathi weHhovisi loLwazi oMisiwe.
Imininingwane yesekela loMphathi weHhovisi loLwazi itholakala kwisiGaba C ngezansi.
Nesizinda sikaZwelonke sezomKhiqizo.
Umqondisi Jikelele nguyena obekwe njengomphathi wehhovisi lolwazi, njengoba kubekwe kwisigaba- 1(a)(ii) soMthetho.
Amasekela oMqondisi Jikelele angamasekela omphathi wehhovisi loLwazi amisiwe, njengoba kukhonjwe kwisigaba -17 soMthetho.
Izimenenja eziphakeme yizona ezimisiwe ukuthi zibe ngamasekela oMphathi weHhovisi loLwazi njengoba kukhonjwe kwiSigaba 17 soMthetho.
NoMthetho kaZwelonke wezoKuthuthukisa eZomnotho noMkhandlu weZabasebenzi, we- 1994 (UMthetho 35 we- 1994).
Ufaka umfutho kumalungelo omthethosisekelo okuphatha kahle ezokuqasha njengoba kutholakala kwiSigaba-23 soMthethosisekelo, ngomthetho olawula ubuphansi bamazinga okuqashwa, ukugwema nokuxazulula ingxabano.
Umisa uhlaka lwesizinda lokutshala uphiko lukazwelonke namacebo asemsebenzini ngethemba lokuthuthukisa nokukhuphula ubungoti babasebenzi baseNingizimu Afrika.
ubhekelela lonke ushintsho olubalulekile olube khona kumthethomgomo wezokuphilisana nezomnotho ngaphambi kokuthi utshalwe noma wethulwe ephalamende; futhi ukhuthaza uphinde uphakamise ukusungulwa komthethomgomo onobuxhumanisi ezindabeni zokuphilisana nezomnotho.
Ukhomishana weZamalungelo aBantu eNingizimu Afrika kudingeka ukuthi enze isiqondisi ngazo zonke izilwimi ezisemthethweni eNingizimu Afrika ukuze kusizakale bonke abantu Abafisa ukusebenzisa amalungelo abo okuthola ulwazi, labo abangase baludinge ekusebenziseni amalungelo abo.
Noma ngubani ofisa ukuthola ulwazi olutholakala kuMnyango angathintana noMphathi weHhovisi loLwazi noma iSekela loMphathi weHhovisi loLwazi.
Imininingwane yabantu ababaqashile.
Imibiko ngophenyo lwezingozi emsebenzini.
Nohlelo lokuthola izimali kwiSikhwama sikaZwelonke seZobungoti.
Imininingwane yeQhinga lokuThuthukisa ezoBungoti kuZwelonke.
Nezivumelwano zezwelonke eziphethwe yiNingizimu Afrika namanye amazwe kanye/noma izinhlangano.
Namapheshana, izincwajana namabhukwana okukhishwa nguMnyango.
Amarekhodi ebhajethi, uchithomali nokucatshangelwayo koMnyango.
Ukuthola, nokuthenga; kanye iii nezenzo zezimakethe zabasebenzi.
imibiko yeziMakethe zaBasebenzi.
Lezi zinsizakalo zitholakala kuwowonke amaHhovisi oMnyango eSifundazwe, akhona kuzona zonke iziFundazwe ezingama-9.
Nokuqinisekisa ukuthotshelwa kobuphansi kwamazinga ezokuqasha, umthetho wezempilo nokuphepha.
Lezi zinsizakalo zikhishwa eHhovisi eliKhulu loMnyango ePitoli nakumaHhovisi eziFundazwe.
Nokugada ukusebenza kophiko lweZiphathimandla zezeMfundo nokuQeqesha.
Izinkantolo zaBasebenzi zihlinzeka ngezinsizakalo zokukhipha izinqumo.
Imininingwane yamahhovisi e-CCMA neziNkantolo zabaSebenzi iyatholakala kunoma yiliphi lamaHhovisi oMnyango kwiZifundazwe noma ihhovisi layo eliKhulu.
ulwazi olukuMnyango lungatholakala ngokwenza isicelo ngendlela emisiwe, olutholakala kuwona wonke amaHhovisi eziFundazwe oMnyango kanti kumele sibhekiswe kuMphathi weHhovisi loLwazi noma iSekela loMphathi weHhovisi loLwazi kwikheli elibhalwe kwindima -C ngenhla.
Ocela ulwazi kumele agcwalise yonke imininingwane kwifomu ukuze uMphathi wehhovisi loLwazi akwazi ukubona ukuthi yiluphi ulwazi olucelwayo.
Amarekhodi aphathelene nempilo yomceli nokuthi ocelayo uyasizwa noma ucelelwa ngomunye umuntu.
Nokuveza uvo ngomthetho ophakanyisiwe, ukuletha ukuhlaba ukubhaliswa kwezinyunyana kanye nezinhlangano zabaqashi.
Kuhambisane nemininingwane yokuxhumana nofake isicelo.
Afake isikhalo kuMvikeli woMphakathi.
Noma ngubani ongacacelwa kahle yinoma yikuphi okuqukethwe lapha angathintana noMphathi weHhovisi loLwazi noma amasekela akhe nakunoma yiliphi kumaHhovisi eziFundazwe oMnyango ukuze athole usizo.
